16 DAYS OF ACTIVISM AGAINST GBV

UMDONI MAYOR LEADS MARCH AGAINST GENDER-BASED VIOLANCE

created at: 2025-01-24 10:52:57

 16 DAYS OF ACTIVISM AGAINST GBV

Umasipala ulwela amalungelo abayizisulu zokuhlekunyeza

Kwenye yezindlela zokuqhuba intuthuko emiphakathini eyakhele indawo yaseMdoni, ukuqinisekisa inhlalonhle yemiphakathi ngokuqinisekisa ukuthi amalungelo abo emelelekile futhi ayavikelwa.

Ukufeza lenkonzo, umasipala uthathe isinyathelo sokuhlanganisa izinhlaka ezehlukene zomphakathi kukhukhulelangoqo wemashi nomkhuleko obekuhlose ukuthi umphakathi ubambisane ngokulwisana nokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabantu besifazane imiphakathini, uphinde uvikele amalungelo abantu abaphila nesandulela ngculazi.

Kuhlangane abaholi bendawo nobangaphandle kwaseMdoni, ekubalwa amakhansela kamasipala waseMdoni naweSifunda Ugu, abefundisi, izikhulu zasemaphoyiseni, abaholi bezinhlaka eziningi ngaphansi kukamasipala, umphakathi ubumelwe intsha, abasesifazane kanye namadoda bonke befuna ukuvikela izingane kanye nabesifazane abaphila ngaphansi kwesimo sokuhlukumezeka.

Lomkhankaso obe impumelelo ubunjwe ngaphansi kwezinsuku zomkhankaso we 16 Days of Activism against Gender-Based Violence and Femicide oqale ngomhlaka 25 Novemba kuya kumhlaka 10 Disemba 2024.  Amadoda ebeyingxenye yalomkhankaso afunge phambi kwamakhulu abantu kanye neMatshi ukuthi bayazibophezela ukuba amadoda angabavikeli emiphakathini nasemizini yabo.

The Municipality

Hours

UMdoni Local Municipality

Address

  • Cnr Bram Fischer & Williamson Street,
  • Scottburg, KwaZulu Natal, 4180
  • South Africa
  •  
  • Postal Address:

  • P.O. Box 19
  • Scottburgh
  • 4180
  •  
  • +27 39 976 1202

Quick Links

Social links

Connect With Us

Social links

COPYRIGHT © 2025. UMDONI LOCAL MUNICIPALITY. DESIGNED BY ISUTECH