UKWETHULWA KWENTUTHUKO KUYAQHUBEKA
UKWETHULWA KWENTUTHUKO KUYAQHUBEKA
KUBE usuku olunenjabulo enkulu namhlanje endaweni yeSizwe samaNyuswa ngaphansi kukaWadi 4 njengoba bekuvulwa ngokusemthethweni ihholo lomphakathi eliseqophelweni eliphezulu i-Mgangeni Community Hall.
USihlalo wamaKhosi iNkosi MP Ngcobo obebambisene neMeya uKhansela MJ Cele-Luthuli ukulivula ngokusemthethweni uncome kakhulu umsebenzi omuhle kaMasipala wokwakha ihholol likanokusho. Inkosi ibe isizibophezela ukuthi yona nesiGugu sayo ngokubambisana nomphakathi bayazibophezela ukuthi bazosigada, basinakekele ngendlela ukuze sifeze injongo yaso.
Nokuba lephrojekthi iphele umumva kwesikhathi esasikanyiwe ngenxa yezingqinamba ezithize, iMeya ukuncomile ukuthi sesiqediwe futhi umsebenzi owenziwe uyikhwalithi. “Siyabonga ukuthi umphakathi wakulendawo uyithwalile lephrojekthi wasebenzisana nathi kanye nosonkontileka ukuze leprojekthi ifike emaphethelweni futhi kukhiqizwe isakhiwo esigculisayo,” kusho iMeya
Kulendawo kuzuze abantu abayiShumi naNhlanu (15) ngamathuba omsebenzi kanye nosomabhizinisi bendawo Abathathu.
SIKHISHWE:
UMASIPALA WASEMDONI